Back

ⓘ Izilimi zaseNingizimu Afrika. iNingizimu Afrika line zilimi eziyishumi nanye ngamandla esikhundla. Zingu: isiXhosa isiZulu isiVenda isiTswana isiNdebele isiSuth ..



Izilimi zaseNingizimu Afrika
                                     

ⓘ Izilimi zaseNingizimu Afrika

iNingizimu Afrika line zilimi eziyishumi nanye ngamandla esikhundla. Zingu:

  • isiXhosa
  • isiZulu
  • isiVenda
  • isiTswana
  • isiNdebele
  • isiSuthu sasenyakatho isiPedi
  • isiNgisi
  • isiTsonga
  • isiSwazi
  • isiBhunu
  • isiSuthu

IsiZulu sikhulunywa kakhulu impela 24% bakabantu baseNingizimu Afrika bakhuluma isiZulu ekhaya. Ulimi olulandelayo luyi siXhosa 18% bese isiBhunu 13%.

Njengoba kunezilimi ezihlukene kunendlela elula esetshenziswayo eNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi abantu bonke bathola umyalezo ofanayo kokubhaliwe kumbe okukhulunywayo. Ukuhumusha nokutolika yizona zindlela ezisetshenziswayo ukwenza lokho. I-Ningizimu Afrika ikholelwa ukuthi alukho ulimi olungaphezu kwezinye yingakho iqinisekisa ukuthi zonke ziyasetshenziswa ngokulinganayo.

Kunezikhungo zemfundo ezihlukahlukene eziqeqesha abantu kulemikhakha yezolimi ukutolika nokuhumusha. Akusiyona into eyenziwa inoma ngubani owazi izilimi ezingaphezu kolulodwa kodwa kuneqeqesho olwenziwayo ngoba kunezindlela kanye nemithetho elandelwayo uma kwenziwa lokhu kutolikwa noma kuhunyushwa.

Free and no ads
no need to download or install

Pino - logical board game which is based on tactics and strategy. In general this is a remix of chess, checkers and corners. The game develops imagination, concentration, teaches how to solve tasks, plan their own actions and of course to think logically. It does not matter how much pieces you have, the main thing is how they are placement!

online intellectual game →